Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:36 - IsiZulu 2020

36 U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe njengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayijabule phakathi kwakhe, ngokuba wayedakwe kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho, okukhulu noma okuncane, kwaze kwasa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:36
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi sekwedlule iminyaka emibili yonke, abagundi bezimvu baka-Absalomu babeseBhali Hazori eliseduzane nakwa-Efrayimi, u-Absalomu wamema wonke amadodana enkosi.


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


U-Abhineri wafika kuDavide eHebhroni namadoda angama-20. UDavide wamenzela idili u-Abhineri namadoda ayenawo.


Baphuma emini. UBheni Hadadi wayezigcingca ngotshwala emadokodweni, ekanye namakhosi angama-32 ayemsiza.


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.


Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.


Uyakufihliza ngezinyawo umqhele wokuzikhukhumeza, wezidakwa zakwa-Efrayimi.


Maye kulabo abavuka ekuseni bathungathe uphuzo olunamandla, balibale kuze kuhlwe, badakwe yiwayini!


Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


bazinikela ekufebeni, ewayinini, nasewayinini elisha, okususa ingqondo.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Wayesethi kommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma sakusihlwa, ungamemi abangani bakho, abafowenu, umndeni wakini, nomakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, lokho kube ngumvuzo kuwe.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Wathi ezincekwini zakhe: “Hambani phambi kwami; ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga lutho indoda yakhe, uNabali.


Ekuseni, selidamukile iwayini kuNabali, umkakhe wamtshela ngalezo zinto, inhliziyo yakhe yaphelelwa ngamandla, waba njengetshe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ