1 Samuweli 25:28 - IsiZulu 202028 Thethelela, ngiyakucela, icala lencekukazi yakho, ngokuba uSimakade uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaSimakade; ububi abuyukufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE28 Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202428 Xolela isiphambeko senceku yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela inkosi yami indlu; ngokuba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova, akufunyanwanga okubi kuwe zonke izinsuku zakho. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Base bethi abakhuzi bempi yamaFilisti: “Afunani lawa maHebheru lapha na?” U-Akhishi wathi kubo abakhuzi bempi yamaFilisti: “Akusiye yini uDavide, inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”