Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:25 - IsiZulu 2020

25 Inkosi yami mayingabeki inhliziyo yayo kulo muntu okhohlakele, uNabali, ufuze igama lakhe, unjalo nje yena; nguNabali igama lakhe, uyisiwula. Kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami eyayizithumile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Inkosi yami mayingamnaki lo muntu omubi, uNabali, ngokuba njengegama lakhe unjalo; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina nceku yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithuma.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:25
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngakho inkosi yami, inkosi, mayingakubeki enhliziyweni yayo ukuthi wonke amadodana enkosi afile, ngu-Amnoni kuphela ofile.”


Olungileyo uyalazi ilungelo lompofu, kodwa omubi akaqondi lutho.


Isiwula asisayukubizwa ngokuthi siyisikhulu, nomkhohlisi akusayukuthiwa uhloniphekile.


Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Wayewele ngasezinyaweni zikaDavide, wayesethi: “Sale usulethwesa mina lelo cala nkosi yami, ngicela uyivumele incekukazi yakho ikhulume nawe, uyilalele ukuthi ithini incekukazi yakho.


“Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami.


Igama lalowo muntu kwakunguNabali, umkakhe kungu-Abhigayili, engowesifazane okhaliphile, futhi emuhle, kodwa indoda yakhe yayilukhuni, inenkohlakalo emisebenzini yayo; yayingeyomndeni kaKhalebhu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ