1 Samuweli 25:18 - IsiZulu 202018 U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE18 U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202418 Khona-ke u-Abigayili washesha wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili namasaka amabili ewayini nezimvu ezinhlanu ezilungisiwe namaseya amahlanu kakolweni ogaziniwe nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomisiwe namaqebelengwane amakhiwane angamakhulu amabili wakubeka ezimbongolweni. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Nabakhelene nabo, kusukela kwa-Isakhare, kwaZebuloni, nakwaNafethali, baletha isinkwa ngezimbongolo, ngamakameli, ngeminyuzi, nangezinkabi. Baletha ukudla okusanhlamvu, izigaxa zamakhiwane, izigaxa zamareyizini, iwayini namafutha, izinkabi nezimvu eziningi, ngokuba kwakunokuthokoza okukhulu kwa-Israyeli.