Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:18 - IsiZulu 2020

18 U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 U-Abigayili wayeseshesha, wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili, nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya* ayisihlanu otshwele, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Khona-ke u-Abigayili washesha wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili namasaka amabili ewayini nezimvu ezinhlanu ezilungisiwe namaseya amahlanu kakolweni ogaziniwe nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomisiwe namaqebelengwane amakhiwane angamakhulu amabili wakubeka ezimbongolweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:18
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.


Nabakhelene nabo, kusukela kwa-Isakhare, kwaZebuloni, nakwaNafethali, baletha isinkwa ngezimbongolo, ngamakameli, ngeminyuzi, nangezinkabi. Baletha ukudla okusanhlamvu, izigaxa zamakhiwane, izigaxa zamareyizini, iwayini namafutha, izinkabi nezimvu eziningi, ngokuba kwakunokuthokoza okukhulu kwa-Israyeli.


Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.


Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.


Uyayenzela okuhle, hhayi okubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


“Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele.


UJese wathi kuDavide, indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa lotshwele nalezi zinkwa ezilishumi, uphuthume ubahambisele enkanjini yabo.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Impela ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbile ukuba ngingakulimazi, uma bewungazange usheshe uze ukuzongihlangabeza, impela ngabe akusalanga nakunye okukaNabali okwesilisa okungokwakhe, ekuseni kusasa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ