Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:13 - IsiZulu 2020

13 UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe. Kwakhuphuka abantu kungathi abangama-400 belandela uDavide, kwathi abangama-200 basala nempahla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UDavide wayesethi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe; Babhinca, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; Naye uDavide wabhinca inkemba yakhe, wenyuka wamlandela uDavide kungathi amadoda angamakhulu amane; abangamakhulu amabili basala kwabalungileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:13
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.


Ohlakaniphile uyephuza ukuthukuthela; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.


Futhi akukuhle ukuba umuntu angabi nalwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.


Ungasho uthi: “Ngiyakuphindisela okubi;” lindela uSimakade, uyakukusindisa.


Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?


Amadoda akwa-Israyeli athatha emphakweni wazo engazange alizwe ilaka likaSimakade.


Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.


Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangama-600, baphuma eKheyila, basabalala. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKheyila; wayeseyeka ukuya lapho.


Izinsizwa zikaDavide zaphenduka kuleyo ndlela ezaziyithathile zabuyela emuva, zabika kuye wonke lawo mazwi.


Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangama-600 ayehamba nabo, waya ku-Akhishi, indodana kaMahokhi, inkosi yaseGathi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ