Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 24:20 - IsiZulu 2020

20 Ngakho-ke bheka, ngiyazi, ngiqinisekile ukuthi uyakuba yinkosi, nokuthi umbuso ka-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Manje bheka, ngiyazi kahle ukuthi uyakuba yinkosi impela, nokuthi umbuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 24:20
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba waphonsela uNkulunkulu inselelo, wazigabisa kuSomandla.


isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice. Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami, sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela


Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi aphuze.


Kuthe sezihambile izazi; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona, ngize ngikutshele, ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuze ambulale.”


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”


kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”


USawule wathi kuDavide: “Mawubusiswe wena ndodana yami, Davide; uyakwenza izinto ezinkulu, uphumelele kahle.” Wayesebamba indlela yakhe uDavide, noSawule wabamba abeze ngayo, wabuyela endaweni yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ