Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 23:23 - IsiZulu 2020

23 Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Bhekani, nibone zonke izindawo zokucasha lapho ecasha khona, nibuyele kimi impela, ngiyakuhamba nani; uma ekhona ezweni, ngiyakumphenya kuzo zonke izinkulungwane zakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 23:23
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngifunga phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumelanga khona ukuba ufunwe, nanxa bethi awukho lapho, yayithi umbuso nesizwe abafunge ukuthi abakufumananga.


Yayisithi: “Hamba ubone ukuthi ukuphi ukuze ngithumele ngimbambe.” Yatshelwa ukuthi: “Uyabona-ke, useDothani.”


Silala unyendle emizini, ezindaweni ezinamathunzi, ukuze sibulale ongenacala; amehlo aso abheke labo abangenamandla.


ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi.


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


Ekumeni kwawo wathi: “Buyela, Simakade emashumini ezinkulungwane zemindeni yakwa-Israyeli.”


Emva kwezinsuku ezimbili, kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna ithuba lokuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.


Ake nihambe, niqinisekise impela, nazi, futhi nibone ukuthi ukuphi nokuthi ngubani ombone lapho, ngokuba ngizwile ukuthi wenza izinto ngobuhlakani obumangalisayo.


Base besuka, bahamba phambi kukaSawule baya eZifi, kodwa uDavide nabantu bakhe babesehlane eMahoni e-Araba, eningizimu yehlane.


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ