Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 22:6 - IsiZulu 2020

6 USawule wezwa ukuthi uDavide nabantu ayekanye nabo babebonakele. USawule wayeseGibheya, ehleli phansi kwesihlahla somthamariske egqumeni, ephethe umkhonto esandleni, izinceku zakhe zonke zazimi naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske* egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho uSawule ezwa ukuthi uDavide utholakele namadoda ayenaye, uSawule wahlala eGibeya ngaphansi komuthi eRama ephethe umkhonto wakhe esandleni sakhe, nazo zonke izinceku zakhe zazimi ngakuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 22:6
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhrahama watshala umthamariske eBheri Sheba, wayesekhuleka egameni likaSimakade uNkulunkulu Ophakade.


Wayevame ukuhlala phansi kwesihlahla sesundu sikaDebhora, phakathi kweRama neBhethele kwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli babenyukela kuye ukuba abehlulele.


USawule wahlala emaphethelweni eGibheya, phansi kwesihlahla samahananadi eMigroni. Wayenabantu abangama-600 ababenaye lapho.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe.


Umoya omubi owawuvela kuSimakade wehlela kuSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto ngesandla; uDavide wayebetha ihabhu ngesandla.


USawule wamciba ngomkhonto efuna ukumgwaza ngawo; uJonathani wase azi ukuthi uyise uhlose ukubulala uDavide.


Athatha amathambo abo awambela phansi komthamariske, eJabeshi. Azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ