Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 22:23 - IsiZulu 2020

23 Hlala nami, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami nokwakho uyakufuna, kodwa uzovikeleka lapha kimi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Hlala kimi, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Hlala nami, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho; kepha uma unami uyakusindiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 22:23
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela impela umusa ngenxa kaJonathani, uyihlo; ngizokubuyisela lonke izwe likamkhulu wakho, uSawule; uyakudla njalo etafuleni lami.”


Abantu ababemlandela, bemsiza futhi ecebisana nabo u-Adoniya, kwakunguJowabe, indodana kaZeruya no-Abhiyathara, umphristi.


Inkosi yathi ku-Abhiyathara, umphristi: “Hamba uye e-Anathothi emasimini akho, ngokuba ufanelwe wukufa, kodwa angizukukubulala namuhla, ngokuba wawuthwala umphongolo weNkosi uSimakade phambi kukaDavide, ubaba. Nawe wahlushwa yizona zonke izinhlupheko ezehlela ubaba.”


“Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu.


Ngesikhathi ngisenabo emhlabeni, ngibalondile egameni lakho labo onginike bona. Ngibalondile, akwalahleka namunye kubo, kuphela lowo owayemiselwe ukulahlwa, ukuze kugcwaliseke umbhalo.


ukuze kugcwaliseke izwi alishoyo, wathi: “Kulabo ongiphe bona, angilahlekelwanga namunye.”


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ