Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 22:15 - IsiZulu 2020

15 Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuSimakade na? Qha, akunjalo; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ibingazi lutho mpela ngalokhu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngaqala-ke ukumbuzela kuNkulunkulu na? inkosi mayingabaleli lutho encekwini yayo nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ibingazi lutho ngalokhu, nokuncane noma okuncane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 22:15
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Absalomu wahamba namadoda angama-200 ayemenyiwe evela eJerusalema; ayehamba emsulwa engazi lutho.


Kwawela isikebhe sokuweza abendlu yenkosi, okuyisenzo esaba sihle emehlweni ayo. UShimeyi, indodana kaGera, wakhothama wathi mbo phansi ngobuso phambi kwenkosi, ngesikhathi iwela iJordani.


Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibeki icala, futhi ingakukhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho ngosuku inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, sengathi inkosi ingekubeke enhliziyweni yayo.


UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngenyuke yini ngihlasele amaFilisti na? Uzowanikela yini esandleni sami?” USimakade wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngizowanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”


UDavide wabuza kuSimakade, Yena wathi: “Ungenyuki, gega ngemuva kwawo, uwathelekele maqondana nezihlahla zebhalisamu.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Inkosi yayisithi: “Impela uzakufa nokufa wena Ahimelekhi, nayo yonke indlu kayihlo.”


U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ