Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 20:30 - IsiZulu 2020

30 Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena, ndodana yowesifazane owonakele noyisihlubuki! Uthi angazi ukuthi wena ukhethe indodana kaJese kunoyihlo, nehlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo, angazi yini ukuthi ukhethile indodana kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Intukuthelo kaSawule yamvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane oyisihlubuki, angazi yini ukuthi uyikhethile indodana kaJese ekuhlakanipheni kwakho nasekujabhiseni ubunqunu bukanyoko na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 20:30
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Umuntu onolaka olukhulu wojeziswa; uma umkhulula, uyophinde akwenze lokho.


Ozidlayo nozigabisayo yisedeleli igama lakhe, yena owenza konke ngokuziphakamisa okukhulu.


Umuntu ongakwazi ukuzithiba, ufana nomuzi odiliziwe, ongasenalo ugange.


Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kodwa ukuchukuluza kwesiwula kusinda ukwedlula kokubili.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


wathi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile ukuba ngibe khona. Manje-ke uma ngifumene umusa emehlweni akho, vuma ngihambe ngiyobona abafowethu.’ Yingakho-ke engafikanga etafuleni lenkosi.”


Ngokuba ngazo zonke izinsuku indodana kaJese isaphila emhlabeni awuyukuzinza wena nombuso wakho. Ngalokho thumela umlande eze kimi, ngoba kufanele ukuba afe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ