Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 2:28 - IsiZulu 2020

28 Ngamkhetha kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli ukuba abe ngumphristi wami, anikele e-althare lami, ashise impepho kulo, embathe ingubo yamahlombe phambi kwami, ngayinika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantu bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Futhi ngimkhethile yini kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele phezu kwami, akhuphule impepho, embathe indwangu yesaka phambi kobuso bami, na? Ngiyinikile indlu kayihlo yonke iminikelo yokushiswa yabantwana bakwa-Israyeli na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 2:28
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNathani wathi kuDavide: “Nguwe kanye lowo muntu. Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi kuwe: ‘Ngakugcoba waba yinkosi ka-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule.


UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,


“U-Aroni uyoshisa impepho enuka kamnandi njalo ekuseni, uyokuyishisa njalo ekuseni lapho elungisa izibani.


Nalapho u-Aroni esokhela izibani kusihlwa, uyakuyishisa impepho. Impepho iyoshiswa njalo phambi kukaSimakade, izizukulwane ngezizukulwane.


Okusale emnikelweni wokusanhlamvu kuyokuba ngokuka-Aroni namadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaSimakade.


Okuseleyo emnikelweni wokusanhlamvu kuyakuba ngokuka-Aroni namadodana akhe, kuyingxenye yeminikelo yomlilo kaSimakade engcwelengcwele.


U-Aroni namadodana akhe bayodla okusele kuwo, bakudle kungenamvubelo endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.


Umlenze wesokunene emhlatshelweni wokuthula, niyowunika umphristi; ube umnikelo.


uSimakade ayala ngakho ukuba bakunikwe ngabantu bakwa-Israyeli mhla ebagcoba; kube yisabelo esimisiwe esiphakade ezizukulwaneni zabo.


Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”


U-Ahiya, indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikhabhodi kaFinehasi ka-Eli, umphristi kaSimakade eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.


USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ