Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 2:17 - IsiZulu 2020

17 Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho isono sabafana saba sikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngoba abantu babewuzonda umnikelo kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 2:17
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”


Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso!


Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.”


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ