Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 18:5 - IsiZulu 2020

5 UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavide waphuma nomaphi lapho uSawule emthuma khona, wenza ngokuhlakanipha; uSawule wammisa phezu kwamadoda empi, waba muhle emehlweni abo bonke abantu nasemehlweni ezinceku zikaSawule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 18:5
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.


UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.


Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”


USimakade wayenaye uJehoshafathi, ngokuba wahamba ngezindlela zakuqala zikakhokho wakhe uDavide, akazange afune oBhali,


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.


waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


Ngazo zonke izinsuku zikaSawule, kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti. Kwakuthi lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla azithathele bona.


Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayebahola, engena ephuma nabo.


Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.


UJonathani wakhumula ingubo ayeyigqokile, wayinika uDavide, nezinye izembatho zakhe, inkemba yakhe, umnsalo wakhe nebhande lakhe.


Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza.


USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ