Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 17:47 - IsiZulu 2020

47 Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Lonke leli bandla liyakwazi ukuthi uJehova akophuli ngenkemba nangomkhonto; ngokuba impi ingekaJehova, uyakuninikela esandleni sethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 17:47
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesebuyela kumuntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Uyabona-ke, sengiyazi ukuthi akekho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kodwa kwa-Israyeli kuphela, ngakho-ke ake wamukele isipho encekwini yakho.”


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ