Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 16:14 - IsiZulu 2020

14 UMoya kaSimakade wamshiya uSawule, wayesengenwa ngumoya omubi owawuvela kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha uMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi kaJehova wamesabisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 16:14
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.


UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwa izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi; nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye, kwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


“Wathi: ‘Ngizophuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabo bonke abaphrofethi bakhe.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi umehlule. Hamba wenze kanjalo.’


Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oyiNgcwele.


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.


USamsoni wazibamba izinsika ezimbili eziphakathi, ezaziphase indlu, wencika kuzo, isandla sakhe sesokunene sikweyodwa insika nesokhohlo sikwenye.


UNkulunkulu wathumela umoya omubi phakathi kuka-Abhimelekhi nezakhamuzi zaseShekhemi, zamphatha ngonya u-Abhimelekhi.


Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu.


Izinceku zikaSawule zathi kuye: “Bheka, umoya omubi ovela kuNkulunkulu uyakuhlupha.


Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu; kuyothi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, akushayele ihabhu, ube ngcono.”


Kwakuthi nxa umoya ovela kuNkulunkulu umehlela uSawule, uDavide athathe ihabhu, alishaye ngesandla sakhe; akhululeke uSawule, abe ngcono, umoya omubi usuke kuye.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe.


USawule wamesaba uDavide, ngoba uSimakade wayenaye, kodwa esesukile kuye.


USamuweli wathi kuSawule: “Ungiphazamiselani ngokuthi ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihlupheke kakhulu, ngoba amaFilisti alwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli ngabaphrofethi noma ngamaphupho, yingakho ngikubizile ukuze ungazise ukuthi kumele ngenzenjani.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ