Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 15:23 - IsiZulu 2020

23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.* Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 15:23
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ULabani wayengekho eyogunda izimvu zakhe, uRaheli wantshontsha onkulunkulu bakayise.


URaheli wabathatha onkulunkulu bakayise, wabafaka esihlalweni sekameli, wahlala phezu kwaso. ULabani walipeketula lonke ithende, kodwa akabatholanga.


Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,


Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Uyenezelela ukuhlubuka esonweni sakhe, ushaya izandla phakathi kwethu, akhulume amazwi amaningi kuNkulunkulu.”


ngokuba baphambana namazwi kaNkulunkulu, basidelela iseluleko soPhezukonke.


AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


Nani nenze okubi ukwedlula okhokho benu, ngokuba yilowo nalowo ulandela inkani nobubi obusenhliziyweni yakhe, aningilaleli.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyabona-ke, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, futhi uzakufa kuwo lo nyaka ngokuba ukhulume ngokuthi abantu bahlubuke kuSimakade.’ ”


ngalokho-ke usho kanje uSimakade ngaye, uthi: bhekani, ngiyakumjezisa uShemaya waseNehelamu nabozalo lwakhe. Akayukuba namuntu oyosala kulaba bantu, futhi akayukukubona okuhle engiyakukwenzela abantu bami, ngokuba ukhulume ngokuhlubuka kuSimakade, kusho uSimakade.’ ”


Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami, ngayithatha ngolaka lwami.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


Esemsusile esihlalweni, wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide indodana kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza yonke intando yami.’


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu,


Nimhlubukile uSimakade kusukela osukwini enganazi ngalo.


“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo.


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


kodwa manje umbuso wakho awusezukuqhubeka. USimakade uzifunele umuntu oqokwe yinhliziyo yakhe. USimakade ummisile ukuba abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba awukugcinanga lokho uSimakade akuyala ngakho.”


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ