Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 15:13 - IsiZulu 2020

13 USamuweli wafika kuSawule. USawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguSimakade; ngilifezile izwi likaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lapho uSamuweli efika kuSawule, uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe wena nguJehova! Ngenza umyalo kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 15:13
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.


Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”


UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba.


Mawutuswe ngomunye, kungabi ngowakho umlomo; kube ngumfokazi, hhayi izindebe zakho.


Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Kunesizukulwane esiziqhenya kakhulu, futhi singamaqhalaqhala.


Mnike isabelo emsebenzini wezandla zakhe, mabawudumise umsebenzi wakhe emasangweni.


Kanjalo nani, uma senikwenzile konke enikuyalelweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho, ngokuba sikwenzile lokho obekufanele ukuba sikwenze.’ ”


UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Wathi kunina: “Izinhlamvu zesiliva eziyi-1 100 ezathathwa kuwe, waqalekisa ngenxa yazo, ngikuzwa; uyabona-ke, lelo siliva likimi, yimi engalithatha.” Unina wathi: “Sengathi indodana yami ingabusiswa nguSimakade!”


Waphendula wathi: “USimakade makakubusise, ndodakazi yami. Ekugcineni ukhombise ukwethembeka okukhulu kunasekuqaleni; awuzange ugijimele ezinsizweni ezicebile noma ezimpofu.


Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa; waqhamuka uSamuweli. USawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela.


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaSimakade, ngiluthathile uhambo abengithume lona uSimakade. Ngilethe u-Agagi, inkosi yama-Ameleki, ngawabhubhisa wonke ama-Amaleki.


Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa.


USawule wathi: “USimakade makanibusise, ngoba ningizwele.


Enye yezinsizwa yamtshela umkaNabali u-Abhigayili, yathi: “Bheka, uDavide uthumele izithunywa zisuka ehlane ukuzobingelela inkosi yethu, kepha yona yazithukuthelela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ