Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 14:45 - IsiZulu 2020

45 Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani osilethele lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? Siyafunga siyagomela phambi kukaSimakade, makungenzeki lokho; akuyukuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenze noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga uJonathani, akabulawanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Abantu base bethi kuSawule: “Uyakufa uJonathani yini owenze lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? makube kude lokho; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nonwele lwekhanda lakhe; ngoba usebenze noNkulunkulu namuhla. Abantu bamsindisa uJonathani, ukuze angafi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 14:45
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi yena: “Inkosi ake ikhumbule uSimakade uNkulunkulu wayo ukuba umphindiseli wegazi angaqhubeki nokubulala, nokuthi bangayibulali indodana yami.” Yathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akukho nolulodwa unwele lwendodana yakho oluyakuwela phansi.”


USolomoni wathi: “Uma ezokuba yindoda elungileyo, akukho nolulodwa unwele lwakhe oluyowela emhlabathini, kodwa uma kutholakala kuye okubi, uyokufa.”


“Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”


Wawusubanikela ezitheni zabo ukuba zibacindezele. Kepha lapho sebesenhluphekweni, bakhala kuwe, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho esikhulu, wabanika abakhululi ukubakhulula ezitheni zabo.


Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami. Ngiwabizile amaqhawe ami, abangabami abajabula ngokuziqhenya, ukuze babonise intukuthelo yami.


Kepha nani, zibaliwe zonke izinwele zekhanda lenu.


Nokho akuyukulahleka nalunye ezinweleni zekhanda lenu.


Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


Isixuku sonke sathula; salalela uBharnabha noPawula belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.


UPawula esewabingelele, wawalandisa ngakho konke, ngakunye ngakunye, uNkulunkulu ayekwenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.


Ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kuzakuba ngukusinda kwenu, akuyukulahleka nwele ekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.”


ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo,


Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,


Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”


Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”


USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.


USawule wayesebuya, wakhuphuka, akabe esawalandela amaFilisti; wona aya endaweni yawo.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ