Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 14:38 - IsiZulu 2020

38 USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nina enaziyo nenibonile ukuthi senzeke kanjani lesi sono sanamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 USawuli wasesithi: Sondelani lapha, zonke iziphathamandla zabantu, lazi, libone ukuthi siyini lesi sono lamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 14:38
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha abantu bathi: “Ngeke uphume nathi, ngokuba uma sibaleka abayukusilandela kangako, noma kungafa ingxenye yethu, abayukuyikhathalela. Kodwa wena ufana nezinkulungwane ezilishumi zethu kubo, ngakho-ke kungcono usisize usemzini.”


Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.


Kuyena kuyakuvela itshe legumbi, kuvele isikhonkwane, kuvele umnsalo wempi, kuvele nababusi bonke ndawonye.


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?


nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi,


U-Israyeli wonile, usephulile isivumelwano engimmisele sona. Bathathile izinto eziqalekisiweyo, bebile, benza inkohlakalo, bazithathile lezo zinto bazihlanganisa nempahla yabo.


Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.


Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ