Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 14:23 - IsiZulu 2020

23 USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJehova wasindisa u-Israyeli ngalolo suku; ukulwa kwadlulela eBeti Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku, futhi impi yaqhubeka kwaze kwaba seBeti Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 14:23
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wayengashongo yini ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kodwa wabasindisa ngesandla sikaJerobhowamu, indodana kaJowashi na?


Bama phakathi nesiqinti sezwe, basivikela, bawabulala amaFilisti. USimakade wabasindisa ngokusindisa okukhulu.


USimakade wamsindisa kanjalo uHezekiya nezakhamuzi zaseJerusalema esandleni sikaSenaheribhi, inkosi yase-Asiriya, nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.


Ngalolo lusuku uSimakade wabasindisa abakwa-Israyeli esandleni sabaseGibhithe; abakwa-Israyeli babona izidumbu zabaseGibhithe ogwini lolwandle.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’


UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.


Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.


Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ