Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 12:14 - IsiZulu 2020

14 Uma nimesaba uSimakade nimkhonza, nilalela izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni somlomo kaSimakade, nina nenkosi yenu enibusayo, nilandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nenza kahle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni sakhe, khona nina nenkosi yenu ebusa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki ezwini likaJehova, nina nenkosi enibusayo niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 12:14
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Wabehlisela ngobumnyama, kwaba mnyama ezweni, kepha baphambana namazwi akhe.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


“Manje mesabeni uSimakade, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho besengaphesheya komfula naseGibhithe, nikhonze uSimakade.


Uma nimshiya uSimakade, nikhonze abanye onkulunkulu babezizwe, uyophenduka, anenzakalise, aniqothule esenenzele lokhu okuhle.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ