Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 11:13 - IsiZulu 2020

13 USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 USawule wathi: “Akuyikubulawa muntu namuhla, ngokuba namuhla uJehova usebenzile ukusindiswa kwa-Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 USawuli wasesithi: Kakungabulawa muntu lamuhla, ngoba lamuhla iN kosi iyenzele uIsrayeli insindiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 11:13
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi: “Ngizokwenzenjani ngani madodana kaZeruya, njengoba namuhla nimelane nami na? Kufanele yini ukuba namuhla kube khona obulawayo kwa-Israyeli na? Kanti angazi yini ukuthi namuhla ngiyinkosi kwa-Israyeli, na?”


Inkosi yayisithi kuShimeyi: “Awuyukufa.” Inkosi yafunga kuye.


Wasuka wabulala amaFilisti kwaze kwakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni. USimakade wabapha ukunqoba okukhulu ngalolo lusuku. Abantu babuya, beza kuye, ukuze babuthe impango kuphela.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


Ngalolo lusuku uSimakade wabasindisa abakwa-Israyeli esandleni sabaseGibhithe; abakwa-Israyeli babona izidumbu zabaseGibhithe ogwini lolwandle.


Wabona ukuthi kwakungekho muntu, wamangala ukuthi kwakungekho onxusayo; ngakho-ke ingalo yakhe yamzuzela insindiso, nokulunga kwakhe kwamphasa.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani osilethele lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? Siyafunga siyagomela phambi kukaSimakade, makungenzeki lokho; akuyukuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenze noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga uJonathani, akabulawanga.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ