Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 1:3 - IsiZulu 2020

3 Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lowo muntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lowo muntu wenyuka emzini wakubo iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abapristi bakaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 1:3
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe.


Kathathu ngonyaka bonke abesilisa bakho bayokuza phambi kweNkosi uSimakade.


Bonke abesilisa bayobonakala kathathu ngonyaka phambi kweNkosi uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika.


“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Bazimisela isithombe esibaziweyo esasenziwe nguMikha, ngaso sonke isikhathi indlu kaNkunkulu iseseShilo.


Ngakho-ke bathi: “Niyabona-ke, kuzoba nomkhosi kaSimakade waminyaka yonke eShilo, elisenyakatho yeBhethele, ngasempumalanga yomgwaqo okhuphuka eBhethele uya eShekhemu, eningizimu yeLebhona.”


Lowo muntu, u-Elikhana, waphinda wenyuka nendlu yakhe ukuyonikela kuSimakade umhlatshelo waminyaka yonke, nokuyofeza isithembiso sakhe.


UHana wasukuma lapho sebedlile, baphuza eShilo. U-Eli, umphristi, wayehleli esihlalweni sakhe ngasensikeni yomyango wethempeli likaSimakade.


U-Ahiya, indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikhabhodi kaFinehasi ka-Eli, umphristi kaSimakade eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.


Unina wayemenzela ijazi minyaka yonke, kuthi lapho enyuka nomyeni wakhe ukuyokwenza umhlatshelo waminyaka yonke, amphathele lona.


“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, uHofini noFinehasi; ngalusuku lunye, bayakufa bobabili.


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa, kwathi amadodana amabili ka-Eli, uHofini noFinehasi, abulawa.


Abantu base bethumela eShilo, bawuthatha lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade Wamabandla owawuhlezi phezu kwamakherubhi. Amadodana ka-Eli omabili, uHofini noFinehasi, babelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ