Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 8:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 8:3
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wamthanda uSimakade, wahamba ngokwezimiso zikaDavide, uyise, kodwa naye wayehlaba, eshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


UMose wathi kuSimakade: “Bheka, uthe kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kodwa awungitshelanga ukuthi ngubani oyakumthuma nami. Uthe: ‘Ngiyakwazi ngegama, futhi ufumene umusa emehlweni ami.’


USimakade wathi kuMose: “Ngizokwenza nalokho okucelileyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami, futhi ngikwazi ngegama.”


“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”


“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”


USimakade muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi labo abaphephela kuye.


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


“Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


UNkulunkulu akasilahlile isizwe sakhe ayesazi phambilini. Kanti anazi yini ukuthi uthini umbhalo ngo-Eliya lapho enxusa uNkulunkulu emelene no-Israyeli na?


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”


Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala.


Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu.


ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.


ngiyayazi imisebenzi yakho, uthando, ukukholwa, ukukhonza nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.


ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kodwa ube ucebile, nenhlamba yalabo abathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ