Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 4:7 - IsiZulu 2020

7 Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 4:7
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibhithe, silwanekazi sasolwandle, obuthisa emifuleni yakho, uthi: “ ‘ “Umfula ungowami, ngiwenze mina.”


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Wabiza izinceku zakhe ezilishumi, wazinika uhlamvu lwemali ngayinye, wathi kuzo: ‘Hwebani ngazo ngize ngibuye.’


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.


UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.


okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Sinezipho zomusa ezahlukeneyo ngokomusa esiwuphiweyo: uma kungesokuphrofetha, asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Pho ubeyini nje u-Apholo na? Ubeyini nje uPawula na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kuyilowo nalowo njengalokhu iNkosi imphile.


Ukuzigabisa kwenu akukuhle neze. Kanti anazi yini ukuthi imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama na?


Ngifisa ukuba abantu bonke babe njengami, kodwa yilowo nalowo muntu unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye uphiwe lesi, omunye uphiwe lesiya.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Yilowo nalowo ngokwesipho asemukelisiwe, makakhonze abanye njengezinceku ezinhle zomusa kaNkulunkulu owehlukahlukene.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ