Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 3:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 3:9
41 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi.


Makube khona inala yokudla ezweni, esiqongweni sezintaba, ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni, abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.


Ukuhlakanipha sekwakhe indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.


Nibusisiwe nina enitshala ngasemifuleni yonke, enivumela izinkabi nezimbongolo zihambe ngokukhululeka.


Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengokuba insimu ihlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uSimakade iyokuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Abezizwe bayokuma beluse imihlambi yenu, abafokazi babe ngabalimi benu, nabaphathi bezivini zenu.


Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?


Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini, siyakusishulwa.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Isivuno sikhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.


Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.


Yena uyitshe elanqatshwa yinina bakhi, manje eseliyinhloko yegumbi.


Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?


Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa.


Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele eninaye, enimemukele evela kuNkulunkulu, nokuthi anizimele ngokwenu na?


Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.


Kepha uma ngilibala, yazi ukuthi abantu kumele baziphathe kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


Kepha uKhristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa ngeqholo nangokuzigabisa ngethemba kuze kube sekupheleni.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ