Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 2:4 - IsiZulu 2020

4 futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 2:4
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.


Uyiphambukisa ngamazwi akhe amaningi ahehayo; uyiyenga ngokuthopha kwezindebe zakhe.


Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


Bakubonile okuyize namanga okubhula, labo abathi: “Kusho uSimakade,” kodwa uSimakade akabathumanga, nokho balindele ukuthi lifezeke izwi labo.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


U-Agripha wathi kuPawula: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKhristu.”


Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.


ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.


Ngokuba uKhristu akangithumanga ukuba ngibhabhadise, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, hhayi ngokuhlakanipha kwamazwi abantu, funa isiphambano sikaKhristu senziwe ize.


Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu.


esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu, kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngamazwi nje, kodwa ngamandla.


ngenhlanzeko, ngolwazi, ngokubekezela, ngobumnene, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisi,


Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.


Ngikusho lokhu ukuze kungabi bikho muntu onikhohlisa ngamazwi ayengayo.


ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu.


Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.


Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Ngosuku lwesikhombisa zathi kumkaSamsoni: “Mnxenxe umyeni wakho ukuba asichazele imfumbe, kungenjalo sizokushisa ngomlilo wena nendlu kayihlo. Ngabe usimemele lapha ukuba nizosiphundla sibe mpofu, akunjalo na?”


Amakhosi amaFilisti akhuphukela kuye, athi: “Yenga uSamsoni, uthole ukuthi yini amandla akhe emakhulu kangaka, nokuthi singamehlula kanjani ukuze simbophe, simnqobe; siyakukunika ngamunye izinhlamvu zesiliva eziyi-1 100.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ