Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 2:3 - IsiZulu 2020

3 Mina ngafika kini ngibuthakathaka, ngesaba, ngithuthumela kakhulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 2:3
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalolo lusuku abaseGibhithe bayofana nabesifazane, bathuthumele ngukwesaba, ngenxa yesandla sikaSimakade Wamabandla esimelene nabo.


Kwathi sebedabulile e-Amfipholi nase-Apholoniya, bafika eThesalonikha, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda.


Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte.


Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.


Bathi izincwadi zakhe zinzima futhi zinamandla, kodwa uma esekhona ngokomzimba ubuthakathaka, futhi ukukhuluma kwakhe kudelelekile.


Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.


Ngokuba siyajabula lapho sibuthakathaka, nina ninamandla, yilokhu esikukhulekelayo, ukuba nipheleliswe.


Ngakho-ke sinale nkonzo, ngokuba sahawukelwa, asidangali;


Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.


Kepha kukho konke sizibonakalisa sinjengezikhonzi zikaNkulunkulu ekubekezeleni okukhulu, osizini, ekwesweleni, ekubandezekweni,


Inhliziyo yakhe inilangazelela kakhulu uma ekhumbula ukulalela kwenu nonke nokuthi namemukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela.


Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi.


Zinceku, hloniphani abangamakhosi enu ngokwenyama, ngokwesaba, ngokuthuthumela nangobuqotho benhliziyo yenu, kube sengathi kukuKhristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ