Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 14:2 - IsiZulu 2020

2 Okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa ukhuluma kuNkulunkulu, ngokuba akekho ozwayo, kepha ekumoya ukhuluma izimfihlakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa kuNkulunkulu; kodwa ngomoya ukhuluma izimfihlakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa kuNkulunkulu; kodwa ngomoya ukhuluma izimfihlakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 14:2
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”


Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa ngenxa yokuba kwakukhona ohumushayo phakathi kwabo.


U-Eliyakimi, indodana kaHilikiya, uShebhina, noJowa, bathi kuRabi Shake: “Ake ukhulume nezinceku zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyasizwa, ungakhulumi nathi ngolimi lwabaJuda, funa kuzwe abantu abasogangeni.”


Umlomo wami ngizowuvula, ngisho umfanekiso, ngizobonakalisa izimfihlakalo zasemandulo,


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.


Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,


Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. UPhethro wayesephendula ethi:


UPawula esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, base bekhuluma ngezilimi, futhi baphrofetha.


“Kepha labo ababenami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.


Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade.


omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.


UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi.


Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa uma ngingenalo uthando, ngifana nethusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.


Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini.


Pho kufanele kwenziwe njani bazalwane na? Uma nihlangana ndawonye, omunye unehubo, omunye unesifundiso, omunye unesambulo, omunye unezilimi, omunye uyahumusha; konke lokho makwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.


Manje senginitshela imfihlakalo; asiyukulala sonke, kodwa sonke siyakuguqulwa,


Ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya; phela uMoya ukuhlolisisa konke, ngisho nokujulileyo kukaNkulunkulu.


Kepha sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlakalweni efihliweyo, uNkulunkulu akumisela phambilini ukuba kube yinkazimulo yethu umhlaba ungakadalwa.


ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;


“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,


ukuze izinhliziyo zabo zigqugquzeleke, behlanganisiwe othandweni, ukuze babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu;


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


kodwa agcine imfihlakalo yokukholwa ngonembeza omsulwa.


Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ