Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kwabaseKorinte 12:3 - IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngakho ngiyanazisa ukuthi akakho okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu othi: “Uqalekisiwe uJesu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho ngiyanazisa ukuthi akakho okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu othi: “Uqalekisiwe uJesu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kwabaseKorinte 12:3
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.


Wathi kubo: “Pho uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi? Phela uthi:


Kepha uJesu wathi: “Ningamenqabeli, ngokuba akekho owenza izimangaliso ngegama lami ongaguquka ngokuphazima kweso akhulume kabi ngami;


Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi.’ Yebo, nisho kahle, ngokuba ngiyikho.


Uma Mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke kufanele nigezane izinyawo.


“Lapho esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba; uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguYena oyakufakaza ngami.


UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu uKhristu uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.


ngokuba ngangifisa ukuba ngoqalekisiweyo, ngisuswe kuKhristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokobuzwe,


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena, noma namukela omunye umoya eningawemukeliswanga, noma elinye ivangeli elehlukile eningalemukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho.


kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Isidumbu sakhe asiyukuhlala ubusuku bonke emthini, kodwa uyomngcwaba impela ngalolo lusuku, ukuze isiqalekiso sikaNkulunkulu sibe phezu kophanyekiweyo, ungalingcolisi izwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho.”


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ