Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kuThimothewu 6:15 - IsiZulu 2020

15 ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Eyakuyibonakalisa ngezikhathi zayo, obusisiweyo nowedwa uMbusi, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Eyakuyibonakalisa ngezikhathi zayo, obusisiweyo nowedwa uMbusi, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kuThimothewu 6:15
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“U-Arithahishasitha, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu: ukuthula.


Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;


Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Amakhosi abusa ngami, nababusi bashaya imithetho elungile ngami.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


“Ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi, egama layo kunguSimakade Wamabandla, “kukhona ozayo ofana neThabhori phakathi kwezintaba, nanjengeKharmeli ngasolwandle.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.


ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.


Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


owazinikela ukuba abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esifaneleyo.


Ayakulwa neWundlu; iWundlu liwanqobe, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, likanye nabanalo ababiziweyo balo, abakhethiweyo nabathembekileyo.”


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ