Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kuThimothewu 6:1 - IsiZulu 2020

1 Bonke abaphansi kwejoka lobugqila mababazise abanumzane babo njengabafanelwe yinhlonipho yonke, ukuze igama likaNkulunkulu nemfundiso kungahlanjalazwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Bonke abangaphansi kwejoka mabathi abaninizo bafanele ukutuswa konke, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bonke abangaphansi kwejoka mabathi abaninizo bafanele ukutuswa konke, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kuThimothewu 6:1
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi ufike uzithobe.”


Yayisithandaza, ithi: “Simakade, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama. Ngicela ukuba ungiphe impumelelo namhlanje, uyenzele isihawu inkosi yami u-Abhrahama.


U-Abhrahama watshela inceku yakhe eyase ikhulile, futhi yengamele indlu yakhe, nakho konke ayenakho, wathi: “Faka isandla sakho phansi kwethanga lami.


yathi: “Makabongwe uSimakade, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongayekanga ukukhombisa umusa nokwethembeka kwakhe enkosini yami. Nami uSimakade ungiholile endleleni ngaze ngafinyelela emzini wesihlobo senkosi yami.”


Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”


Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, ukuba umphrofethi ubekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga yini na? Kakhulu kangakanani-ke, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke’ na?”


AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”


Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


Kwakuthi lapho befika ezizweni ababeya kuzo, balihlambalaze igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaSimakade, kodwa nakuba kunjalo balishiyile izwe lakhe.’


Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziweyo ezizweni, enilihlambalazileyo kuzo, izizwe ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho ngizibonakalisa ngani phambi kwazo ukuthi Mina ngingcwele,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo. Uma nginguyihlo, pho kuphi ukuhlonishwa kwami? Uma ngiyinkosi, pho kuphi ukwesatshwa kwami?” kinina baphristi enidelela igama lami, kubuza uSimakade Wamabandla. Kodwa nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


Ngokuba ijoka lami alinzima, nomthwalo wami ulula.”


Kanti naphumelani na? Ukuyobona umphrofethi na? Yebo, ngithi kini: owedlula umphrofethi.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba zingabi bikho izikhubekiso, kodwa maye, kulowo eziza ngaye!


Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.”


Isihambile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili kwabendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayeyizinceku zakhe,


Ngakho-ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi nibeke ijoka entanyeni yabafundi, obaba kanye nathi esingabanga namandla okulithwala na?


Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.


Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu,


UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.


Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ