Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 kuThimothewu 3:7 - IsiZulu 2020

7 Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 kuThimothewu 3:7
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,


Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.”


“Indoda ethile okuthiwa ngu-Ananiya, eyayikholwa, iwugcina umthetho, eyayifakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhe lapho,


Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.


Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu,


Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na?


Asibekeli muntu isikhubekiso, funa inkonzo yethu igxekwe.


ngokuba siyazihlonipha izinto ezinhle, hhayi nje phambi kweNkosi, kepha nasemehlweni abantu imbala.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


ukuze nihambe ngokufaneleyo phambi kwabangakholwa, futhi ningantuli lutho.


Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,


basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.


babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.


ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.


UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.


Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ