Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 9:22 - IsiZulu 2020

22 Bonke ababekhethwe ukuba babe ngabalindisango babengama-212. Babhalwa ngezizukulwane zabo emizaneni yabo. UDavide noSamuweli, umboni, bababeka ezikhundleni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bonke laba ababekhethwe ukuba babe ngabalindisango basemasangweni babengamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane zabo emadolobheni abo, uDavide noSamuweli umboni ababewabeka esikhundleni sabo kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 9:22
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

izigaba zabaphristi nezabaLevi, wonke umsebenzi wokukhonza endlini kaSimakade, zonke izitsha zenkonzo endlini kaSimakade,


Bheka, nazi izigaba zabaphristi nabaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu. Emsebenzini wonke uyothola abantu abazinikele ngenhliziyo nabayizingcweti emisebenzini yonke. Izikhulu nabantu bonke bayakukulalela konke okushoyo.”


Izinto ezenziwa nguDavide ekuqaleni nasekugcineni, zonke zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, encwadini yezindaba zikaNathani umphrofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni.


u-Obhadiya kaShemaya, kaGalali, kaJeduthuni, uBherekhiya ka-Asa, ka-Elikhana owayehlala emizaneni yamaNethofa.


Bona nabozalo lwabo babephethe amasango endlu kaSimakade, indlu yethende, beyiqapha.


UMathithiya, omunye wabaLevi, owayeyizibulo likaShalumi, umKhorahi, wayenesikhundla sokubheka ukwenziwa kwamakhekhe ayizicaba okuthiwa amaweyifa emabhodweni.


Wabeka abalindimasango emasangweni endlu kaSimakade, ukuze kungangeni ongcolile noma ngabe ungcoliswe yini.


Phansi kwakhe kwakukhona u-Edene, uMiniyamini, uJeshuwa, uShemaya, u-Amariya, noShekhaniya emizini yabaphristi abayaba iminikelo ngokwethembeka kubafowabo, ngokwezigaba zabo, abadala nabancane.


Abaphristi babalwa ngokwezizukulwane zabo nezingane zabo, omkabo, amadodana namadodakazi abo nesixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngokwethembeka.


Elinye iqembu labaLevi bakwaJuda lahlala kwaBhenjamini.


Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


Inceku yathi, kudala kwa-Israyeli noma ngubani owayeya ukuyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza siye kumboni.” Ngokuba lowo okuthiwa ngumphrofethi manje kuqala wayebizwa ngomboni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ