Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 9:14 - IsiZulu 2020

14 KubaLevi: kwakunguShemaya kaHashubhi, ka-Azirikamu, kaHashabhiya, kwabozalo lukaMerari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 KumaLevi: nguShemaya kaHashubi ka-Azirikamu kaHashabiya kumadodana kaMerari,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 NakubaLevi; emadodaneni kaMerari, uShemaya, indodana kaHasubu, indodana ka-Asrikamu, indodana kaHashabiya;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 9:14
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Olwe-18 lwadla uHanani, amadodana akhe nabafowabo, beli-12.


Nazi izigaba zabalindimasango: kumaKhorahi: nguMeshelemiya, indodana kaKhore emadodaneni ka-Asafa.


UShelomothi nabafowabo babengamele yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezazingcweliswe yinkosi uDavide, izinhloko zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane, abakhuzi bempi bamakhulu nabakhuzi bempi.


Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi. Nansi imindeni yabaLevi ngokokhokho babo:


Amadodana kaMerari: kwakunguMaheli, uLibhini, uShimeyi, u-Uza,


Abozalo lukaMerari banikwa ngonkatho ngokwemindeni yabo esizwaneni sakwaRubeni, nakwesakwaGadi, nakwesakwaZebuloni, kwaba yimizi eli-12.


nabafowabo, beyizinhloko zezindlu zokhokho babo, beyi-1 760, amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo endlini kaNkulunkulu.


KunguBhakibhakari, uHereshi, uGalali, uMathaniya kaMikha, kaZikhiri, ka-Asafa,


Abozalo lukaLevi izinhloko zoyise abalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba sezinsukwini zikaJohanani indodana ka-Eliyashibhi.


Izinhloko zabaLevi nazi: uHashabhiya, uSherebhiya noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo bebhekene nabo bedumisa, bebonga njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba sibhekene nesigaba.


Nampa ababalwayo kubaLevi ngemindeni yabo: kuGereshoni: ngumndeni wabakwaGereshoni; kuKhohathi: ngumndeni wabakwaKhohathi; kuMerari: ngumndeni wabakwaMerari.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ