Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 5:26 - IsiZulu 2020

26 UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli, inkosi yase-Asiriya, nomoya kaThiligathi Philineseri, inkosi yase-Asiriya, babathumba abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, babayisa eHala, eHabhori, eHara, nasemfuleni iGozani, kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UNkulunkulu ka-Israyeli wawuvusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabahola, abakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGoshani, kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 5:26
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.


U-Ahazi wathumela izithunywa kuThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wathi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho; khuphuka ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu, nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli, abangivukele.”


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaHosheya, inkosi yase-Asiriya, yalinqoba iSamariya, yathumba u-Israyeli, yamyisa e-Asiriya, yambeka eHala, eHabhori ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede.


Inkosi yase-Asiriya yathumba abakwa-Israyeli yabayisa e-Asiriya, yababeka eHala naseHabhori, ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede,


Onkulunkulu balezo zizwe ezabhujiswa ngokhokho bami, iGozani, iHarana, iRezefi, abase-Edene, nabaseThelasari, bakwazi yini ukuzisindisa na?


Kwawa abaningi bebulewe, ngoba impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala endaweni yabo aze athunjwa.


noBhera, owathunjwa nguThiligathi Phileneseri, inkosi yase-Asiriya; wayengumholi wakwaRubeni.


U-Israyeli wonke wabhalwa ngezizukulwane zakhe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli. UJuda wathunjelwa eBhabhele ngenxa yeziphambeko zakhe.


Kwafika uThiligathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, yamhlupha, ayizange imqinise.


Izigijimi zaphuma nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda njengokwesiyalezo senkosi esithi: “Nina bakwa-Israyeli, buyelani kuSimakade uNkulunkulu ka-Abhrahama, noka-Isaka noka-Israyeli ukuze naye abuyele ensalini yenu ephunyuke esandleni samakhosi ase-Asiriya.


USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.


Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema.


Onkulunkulu balezo zizwe bazophula yini izizwe ezabhujiswa ngokhokho bami, iGozani, iHarana, iRezefi, abantu base-Edene ababeseThelasari na?


“Kuyiqiniso, Simakade, ukuthi amakhosi ase-Asiriya azibhubhisile izizwe zonke namazwe azo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ