Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 5:20 - IsiZulu 2020

20 Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Basizwa phezu kwabo, amaHagari anikelwa esandleni sabo nabo bonke ababe nabo; ngoba babethembele kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 5:20
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.


“UGadi uyogaselwa yiviyo, kodwa yena uyolihlasela selibaleka.


Kwathi lapho izinduna zezinqola sezimbonile uJehoshafathi, zathi: “Impela lo yinkosi yakwa-Israyeli.” Zaphambuka zalwa nayo, kodwa uJehoshafathi wamemeza.


Adla izinkomo zabo, amakamela ayizi-50 000, izimvu eziyizi-250 000, izimbongolo eziyizi-2 000, nabantu abayizi-100 000.


Kwawa abaningi bebulewe, ngoba impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala endaweni yabo aze athunjwa.


Abakwa-Israyeli bathotshiswa ngaleso sikhathi, kodwa abakwaJuda banqoba, ngokuba babencike kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Kwathi lapho izinduna zezinqola zimbona uJehoshafathi, zathi: “Lo yinkosi yakwa-Israyeli.” Zaphambuka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafathi wamemeza, uSimakade wamsiza. UNkulunkulu wabasusa kuye.


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababehlala eGuri Bhari nakumaMehuni.


Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.


Ngakho-ke sazila, samnxusa uNkulunkulu wethu ngalokhu, wakuzwa ukunxusa kwethu.


Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.


USimakade uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


Noma nini lapho isandla sikaMose siphakeme, u-Israyeli wayenqoba, kodwa uma esehlisa esiphumuza, kunqobe ama-Amaleki.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”


Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.


USimakade muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi labo abaphephela kuye.


ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.


Aluzange lube khona usuku olunjengalolo ngaphambi kwalo noma ngasemuva kwalo, lapho uSimakade alalela khona izwi lomuntu; wamlwela u-Israyeli.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


USawule wathumela izithunywa ukuba ziyombona uDavide, wathi: “Mkhuphuleni nimlethe lapha kimi ngombhede ukuze ngimbulale.”


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ