Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 3:15 - IsiZulu 2020

15 UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Amadodana kaJosiya izibulo lalinguJohanani, eyesibili uJehoyakimi, eyesithathu uZedekiya, eyesine uShalumi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 3:15
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehowahazi wayeneminyaka engama-23 lapho eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.


UFaro Nekho wabeka u-Eliyakimi, enye indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikayise. Wamguqula igama kwaba nguJehoyakimi. Wamsusa uJehowahazi eRibhila wamyisa eGibhithe, waze wakhothamela khona.


Inkosi yaseBhabhele yabeka uMathaniya, uyisekazi, waba yinkosi esikhundleni sakhe, yaliguqula igama lakhe waba nguZedekiya.


Amadodana kaJehoyakimi: uJekhoniya, indodana yakhe, noZedekiya, indodana yakhe.


Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi eJerusalema esikhundleni sikayise.


Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Labuye lafika nangesikhathi sokubusa kukaJehoyakimu, indodana kaJosiya inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, indodana kaJosiya kwaJuda, kwaze kwaba ngukuthunjwa kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha,


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’


“ ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade.


Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli lizwi livela kuSimakade, lathi:


UZedekiya, indodana kaJosiya, wabusa eyinkosi esikhundleni sikaKhoniya, indodana kaJehoyakimi, owayebekwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba abe yinkosi kwaJuda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ