Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 3:14 - IsiZulu 2020

14 UManase wazala u-Amoni; yena wazala uJosiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 u-Amoni indodana yakhe, uJosiya indodana yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 3:14
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UManase walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa ensimini esigodlweni sakhe, insimu ka-Uza. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


U-Amoni wayeneminyaka engama-22 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka emibili eJerusalema. Igama likanina kwakunguMeshulemethi, indodakazi kaHaruzi waseJothiba.


Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Izinceku zikaJosiya zasithatha ngenqola isidumbu sakhe eMegido, zasibuyisela eJerusalema, zasimbela edlinzeni layo. Abantu bezwe base bethatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise.


UFaro Nekho wabeka u-Eliyakimi, enye indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikayise. Wamguqula igama kwaba nguJehoyakimi. Wamsusa uJehowahazi eRibhila wamyisa eGibhithe, waze wakhothamela khona.


UJothamu wazala u-Ahazi; yena wazala uHezekiya; yena wazala uManase.


UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.


UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-31 eJerusalema.


Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi eJerusalema esikhundleni sikayise.


UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema.


UJehoyakimi wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Wenza okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakhe.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha,


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ