Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 28:5 - IsiZulu 2020

5 Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphe amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kuwo wonke amadodana ami, ngokuba uJehova wangipha amadodana amaningi, wakhetha uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 28:5
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hamba uye enkosini uDavide, uthi kuyo: ‘Wena nkosi yami, awuzange yini ufunge encekukazini yakho, uthi: “USolomoni, indodana yakho, uyokuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,” na? Pho kungani u-Adoniya eseyinkosi na?’


Amehlo abo bonke abakwa-Israyeli abheke wena, nkosi yami, nkosi, ukuze batshelwe nguwe ukuthi ngubani ozohlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, emva kwayo.


njengoba ngafunga kuwe ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ngathi uSolomoni, indodana yakho, uyokuba yinkosi emva kwami; uyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngenza kanjalo namuhla.”


“Bese nimlandela, nenyuke emva kwakhe aze afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi, ngokuba nguye engimkhombe ukuba abe yinkosi phezu kuka-Israyeli noJuda.”


Wathi u-Adoniya: “Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami, nokuthi wonke u-Israyeli wayebheke ukuba kubuse mina. Nokho-ke izinto zaguquka, umbuso wase ubuyela kumfowethu, uSolomoni, ngokuba yena wayeqokwe nguSimakade.


“USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele indlu igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngiyakumbeka endlini yami nasembusweni wami, kuze kube phakade; isihlalo sakhe sobukhosi siqiniswe, kuze kube phakade.” ’ ”


UDavide wayesemdala esenelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni, indodana yakhe, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni, indodana yami, nguye yedwa okhethwe nguNkulunkulu, usengumfana, akakaqini ukhakhayi, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu, kepha ngelikaSimakade uNkulunkulu.


USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaSimakade waba yinkosi esikhundleni sikaDavide, uyise, waba nempumelelo; wonke u-Israyeli wamlalela.


Wafa esemdala, esenelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni, indodana yakhe, wabusa esikhundleni sakhe.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwaba kuhle kuye ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi, ube yinkosi kuSimakade uNkulunkulu wakho. Ngokuba uNkulunkulu wakho uyamthanda u-Israyeli futhi uyathanda ukummisa kuze kube phakade, yingakho ekubeke waba yinkosi phezu kwakhe, ukuba wenze ubulungiswa nokulunga.”


uyombeka nokumbeka akubuse, uSimakade uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyobeka omunye wabafowenu abe yinkosi, akubuse, ukuze ungabeki owezizwe, ongesiye umfowenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ