Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 27:25 - IsiZulu 2020

25 U-Azimavethi, indodana ka-Adiyeli, wayephethe ingcebo yenkosi. UJonathani, indodana ka-Uziya, engamele izinto zasemasimini, emzini, emizaneni nasezinqabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 U-Azimaveti indodana ka-Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Owayephethe ingcebo yenkosi kwakungu-Asmaveti indodana ka-Adiyeli; owayephethe ingcebo endle, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni, kwakunguJonathani indodana ka-Uziya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 27:25
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJosefa wakuqoqa konke ukudla okwatholakala ngaleyo minyaka eyisikhombisa yenala, wakulondoloza emizini: kwakungukudla okwakuvunwe emasimini azungeze yilowo nalowo muzi.


u-Abhi Alibhoni umAraba, u-Azimavethi waseBharihumi,


UHezekiya wayinika lonke isiliva elalisendlini kaSimakade nelalisengcebeni yesigodlo senkosi.


UJowabe, indodana kaZeruya, waqala ukubala abantu, kodwa akazange aqede ngenxa yolaka olwaqubuka phezu kuka-Israyeli, inani labantu alizange lifakwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.


U-Eziri, indodana kaKhelubi, wayephethe abebenza umsebenzi wasendle, belima umhlabathi.


UDavide wayeseqoqa zonke izikhulu zakwa-Israyeli, abaholi bezizwana, izinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, izinduna zasendlunkulu, amaqhawe, nawo wonke amadoda anamandla eJerusalema.


Zase zinikela izikhulu zawoyise, abaholi bezizwana zakwa-Israyeli, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu nezinduna zomsebenzi wenkosi.


U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


Kepha kwakukhona amadoda alishumi phakathi kwawo, athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali, ngokuba emasimini ethu sinengcebo kakolo, ibhali, amafutha, noju.” Wayesewayeka, wangawabulala nabafowabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ