Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 27:1 - IsiZulu 2020

1 Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nababonisi babo abakhonza inkosi kunoma yisiphi isigaba sezigaba, abangena baphume inyanga nenyanga ezinyangeni zonke. Onyakeni, esigabeni ngasinye yayiyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 27:1
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye.


Lezi zinduna zaziyilethela ukudla inkosi uSolomoni, nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho.


USolomoni wayenezinduna ezili-12, phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli, ezazilethela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayiletha ukudla inyanga eyodwa ngonyaka.


Yathumela izisebenzi eziyizi-10 000 ngenyanga, eLebhanoni, zidedelana; zaziba seLebhanoni inyanga, zibe sekhaya izinyanga ezimbili. U-Adoniramu nguye owayephethe izisebenzi.


Yilezi izinhloko zamaqhawe kaDavide ayenazo, ezamsekela ngamandla embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonkana, zambeka waba yinkosi njengokwezwi likaSimakade ngo-Israyeli.


UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke.


Abafowabo, amaqhawe anamandla, babeyizi-2 700, izinhloko zoyise ezenziwa ababonisi abaphethe kwaRubeni, kwaGadi, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase. Babephethe ezindabeni zonke zikaNkulunkulu, nasezindabeni zenkosi.


UJashobhehamu, indodana kaZabhidiyeli, wayengamele isigaba sokuqala esasingena ngenyanga yokuqala. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.


UDavide wayeseqoqa zonke izikhulu zakwa-Israyeli, abaholi bezizwana, izinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, izinduna zasendlunkulu, amaqhawe, nawo wonke amadoda anamandla eJerusalema.


Zase zinikela izikhulu zawoyise, abaholi bezizwana zakwa-Israyeli, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu nezinduna zomsebenzi wenkosi.


USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, kubakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, kubehluleli, kubo bonke abaholi bakwa-Israyeli, nasezinhlokweni zoyise.


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ