Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 26:32 - IsiZulu 2020

32 Abafowabo, amaqhawe anamandla, babeyizi-2 700, izinhloko zoyise ezenziwa ababonisi abaphethe kwaRubeni, kwaGadi, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase. Babephethe ezindabeni zonke zikaNkulunkulu, nasezindabeni zenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa, izinhloko zawoyise, ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa izinhloko zezindlu zoyise, inkosi uDavide eyababeka phezu kwabakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, emsebenzini wonke kaNkulunkulu nomsebenzi wenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 26:32
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaphesheya kweJordani, kwabakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase, babeyizi-120 000 ababehlome ngezikhali zonke zokulwa empini.


Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona.


Yilabo-ke okwakungabozalo lukaLevi ngokwezindlu zokhokho babo, izinhloko zoyise, bebalwa ngamanani abo, ngamagama abo nangezinhloko zabo. Yibona ababenza umsebenzi wokukhonza endlini kaSimakade, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu.


Nalaba benza unkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni phambi kukaDavide, inkosi, uZadoki, u-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise, abaphristi nabaLevi; omkhulu kubo kanjalo nomfowabo omncane.


Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.


“Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”


UJoshuwa wayesekhuluma nabakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase, wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ