Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 26:29 - IsiZulu 2020

29 KumaJizihari, uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizikhulu nabehluleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kuma-Ishhari, uKhenaniya namadodana akhe babengabangaphandle kwa-Israyeli, izinduna nabahluleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 26:29
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaKhohathi: ngu-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli, bebane.


Abayizi-24 000 kulaba yibona abayongamela umsebenzi wendlu kaSimakade. Abayizi-6 000 babe yizikhulu nabehluleli.


Kuma-Amramu, kumaJizihari, kumaHebhroni nakuma-Uziyeli;


nakho konke uSamuweli umboni, uSawule indodana kaKhishi, u-Abhineri indodana kaNeri noJowabe indodana kaZeruya ababekungcwelisile; lokho okwakungcweliswe ngabantu abehlukene, konke kwaphathwa nguShelomothi nabafowabo.


Ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuthi, umJizirahi, owayengamele; esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.


AbaLevi babengamele bonke ababethwala imithwalo, benza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo. Abanye babaLevi babengababhali, beyizinduna nabalindimasango.


uShabhethayi noJozabhadi beyizinhloko zabaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,


KuKhohathi kwavela le mindeni: oka-Amramu, okaJizihari, okaHebhroni noka-Uziyeli. Yilena imindeni kaKhohathi.


“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.


Uye kubaphristi bamaLevi, nakumehluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakwazise isinqumo sokwehlulela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ