Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 26:26 - IsiZulu 2020

26 UShelomothi nabafowabo babengamele yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezazingcweliswe yinkosi uDavide, izinhloko zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane, abakhuzi bempi bamakhulu nabakhuzi bempi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele, inkosi uDavide, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi ezazingcwelisile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 26:26
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nalezo, inkosi uDavide yazehlukanisela uSimakade nesiliva negolide eyayilehlukanisile livela ezizweni zonke eyayizinqobile:


Inkosi uDavide wazingcwelisa nalezi zitsha kuSimakade, nesiliva negolide ayekudle ezizweni zonke zakwa-Edomi, kwaMowabi, nakubantu bakwa-Amoni, nakumaFilisti nakuma-Amaleki.


“Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho.


Abafowabo ku-Eliyazeri: kwakunguRehabhiya, indodana yakhe, uJeshaya, uJoramu, uZikhiri noShelomothi.


Yibona ababengcwelisa okutholakale empini nasempangweni ukuba kulungiswe indlu kaSimakade,


Bheka, nazi izigaba zabaphristi nabaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu. Emsebenzini wonke uyothola abantu abazinikele ngenhliziyo nabayizingcweti emisebenzini yonke. Izikhulu nabantu bonke bayakukulalela konke okushoyo.”


KubaLevi: kwakunguShemaya kaHashubhi, ka-Azirikamu, kaHashabhiya, kwabozalo lukaMerari.


AbaLevi noJuda wonke benza njengakho konke uJehoyada, umphristi, ayebayalile; yilowo nalowo wathatha abantu bakhe ababengena ngesabatha, nalabo ababephuma ngesabatha, ngokuba uJehoyada, umphristi, akazihambisanga izigaba.


UHezekiya wabeka abaphristi nabaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe, njengabaphristi nabaLevi beminikelo yokushiswa neyokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni enkambu kaSimakade.


abozalo lwabalindisango bozalo lukaShalumi, luka-Atheri, lukaThalimoni, luka-Akubhi, lukaHathitha nolukaShobhayi, bonke babeyi-139.


ngoba yibona ababenza isiko lokuhlanza abantu ngokwemithetho kaNkulunkulu wabo, njengoba kwakwenza abahlabeleli nabalindisango, ngokomyalo kaDavide noSolomoni, indodana yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ