Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 25:1 - IsiZulu 2020

1 UDavide nabakhuzi bempi behlukanisela umsebenzi amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani nakaJeduthuni; ayezophrofetha ngamahabhu, ngezingubhu, nangamasimbali. Abantu ababezokwenza umsebenzi wenkonzo babeyileli nani, bemi kanje:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UDavide nezinduna zempi bazihlukanisela inkonzo yamadodana ka-Asafa, noHemani, noJeduthuni, abaprofetha ngamahabhu, namahabhu, namasimbali; umumo wezisebenzi ngokwenkonzo yazo wawu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 25:1
46 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yenza ngemithi ye-alimugi izinsika zendlu kaSimakade nezesigodlo senkosi, amahabhu nemitshingo yabahlabelelayo. Akukaze kuphinde kulethwe imi-alimugi eminingi kangaka, futhi ayikaze ibonwe kuze kube yinamuhla.


Manje-ke ngibizeleni umshayi wogubhu eze lapha.” Kuthe lapho eselubetha nje ugubhu, isandla sikaSimakade saba kuye.


noZadoki, insizwa eyiqhawe elinamandla, nabakhuzi bempi abangama-22 ababevela endlini kayise.


UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.


Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.


Waqoqa bonke abaholi bakwa-Israyeli, abaphristi nabaLevi.


emadodaneni ka-Asafa: nguZakhuri, uJosefa, uNethaniya no-Asharela, amadodana ka-Asafa, ephethwe ngu-Asafa owayephrofetha ngokulawulwa yinkosi.


KuJeduthuni: amadodana akhe: nguGedaliya, uZeri, uJeshaya, uShimeyi, uHashabhiya noMathithiya, esewonke eyisithupha, ephethwe nguyise uJeduthuni owayephrofetha ngohabhu, ngokubonga nangokudumisa uSimakade.


Unkatho lokuqala lwadla uJosefa ka-Asafa, olwesibili uGedaliya, yena ekanye nabafowabo namadodana akhe, sebebonke beli-12.


Amadodana kaLevi: kwakunguGereshomu, uKhohathi noMerari.


Yilaba ababema namadodana abo: kumadodana amaKhohathi: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli, kaSamuweli,


Umfowabo u-Asafa wayemi ngakwesokunene sakhe; u-Asafa, kaBherekhiya, kaShimeya,


Amadodana kaMerari, abafowabo ababema ngakwesokunene: kungu-Ethani, kaKhishi, ka-Abhidi, kaMalukhi,


Abanye abahlabeleli babeyizinhloko zezindlu zoyise zabaLevi, besemakamelweni, bekhululiwe kweminye imisebenzi, ngokuba babesemsebenzini imini nobusuku.


Ngonyaka wesikhombisa uJehoyada waqunga isibindi, wathatha abakhuzi bempi bamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu, u-Ishmayeli indodana kaJehohanani, u-Azariya indodana ka-Obhede, uMahaseya indodana ka-Adaya, no-Elishafathi indodana kaZikhiri, wenza isivumelwano nabo.


Wabheka, wayibona inkosi imi ngasensikeni yayo ngasekungeneni. Izikhulu nabamacilongo babenenkosi; bonke abantu bezwe bathokoza, bashaya amacilongo, abahlabelelayo babebetha izinto zokucula, behola indumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ukuvukela umbuso! Ukuvukela umbuso!”


UJehoyada wabeka abaphristi nabaLevi ukuba bagade indlu kaSimakade. UDavide wayebehlukanisele indlu kaSimakade ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa kuSimakade, njengalokhu kulotshiwe emthethweni kaMose; bakwenze ngentokozo nangokuhuba, njengalokhu uDavide ayehlelile.


UJehoyada, umphristi, wanika abakhuzi bempi bamakhulu imikhonto, amahawu, nezihlangu okwakungezenkosi uDavide, ezazihlala endlini kaNkulunkulu.


Kwabozalo luka-Elizafani: kwakunguShimri noJehiyeli; kwabozalo luka-Asafa: kwakunguZakhariya noMathaniya.


Kwabozalo lukaHemani: kwakunguJehiyeli noShimeyi; kwabozalo lukaJeduthuni: kwakunguShemaya no-Uziyeli.


UHezekiya wabeka abaphristi nabaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe, njengabaphristi nabaLevi beminikelo yokushiswa neyokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni enkambu kaSimakade.


Amadoda awenza ngokwethembeka umsebenzi wawo, ababewengamele kwakunguJahathi, no-Obhadiya abaLevi kwabozalo lukaMerari, bekanye noZakhariya noMeshulamu kwabozalo lwamaKhohathi, nabo bonke abaLevi ababengamaciko okucula ngezinsimbi zokucula.


Abahlabeleli, amadodana ka-Asafa, babesendaweni yabo njengokomyalo kaDavide, u-Asafa, uHemani noJeduthuni, umboni wenkosi; abalindimasango babengasesangweni; sasingekho isidingo sokuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo, abaLevi, babebalungisele.


bonke abahlabelelayo abangabaLevi; u-Asafa, uHemani, uJeduthumi namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu babemi ngasempumalanga ye-althare. Kwakumi kanye nabo abaphristi abayi-120, beshaya amacilongo.


Njengokomthetho kayise uDavide, abaphristi wabamisa ngokwezigaba zabo enkonzweni, nabaLevi ezikhundleni zabo, ukuba badumise, bakhonze phambi kwabaphristi njengemfanelo imihla ngemihla. Abalindimasango nabo wabamisa ngezigaba zabo emasangweni; kulelo nakulelo sango, ngokuba uDavide, umuntu kaNkulunkulu, wayeyale ukuba kube kanjalo.


Abahlabeleli bozalo luka-Asafa babeyi-128;


Babuye babeka abaphristi nabaLevi ngokwemikhakha yabo, ukuze baqhube inkonzo kaNkulunkulu eJerusalema, njengoba kulotshiwe encwadini kaMose.


noMathaniya kaMikha, kaZabhidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBhakibhukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abhida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.


Izinhloko zabaLevi nazi: uHashabhiya, uSherebhiya noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo bebhekene nabo bedumisa, bebonga njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba sibhekene nesigaba.


Ngomkhosi wokubusiswa kogange eJerusalema abaLevi bafunwa ezindaweni zabo zonke, ukuba bayiswe eJerusalema ukuyogubha umkhosi ngentokozo, ngokubonga, ngokuhlabelela, ngamasimbali, ngezigubhu nangamahabhu.


Hubani iculo, nithathe isigubhu nohabhu; imiqangala ekhala kahle.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli esegcekeni elingaphakathi, elaliseceleni kwesango elisenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango elisempumalanga, libheke ngasenyakatho.


“Emveni kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu; ikhanda lempi yamaFilisti lilapho. Kuyakuthi uma usufikile kulowo muzi, uyohlangana neviyo labaphrofethi behla endaweni ephakemeyo, kunogubhu, isigubhu, igekle, nehabhu phambi kwabo, bephrofetha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ