Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 24:6 - IsiZulu 2020

6 UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongumLevi, waloba phambi kwenkosi, nezikhulu, naphambi kukaZadoki, umphristi, no-Ahimeleki, indodana ka-Abhiyathara, nezinhloko zoyise, abaphristi nabaLevi. Enye indlu yoyise yayivela ku-Eleyazare, enye ivela endlini ka-Ithamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UShemaya indodana kaNethaneli, umbhali, omunye wamaLevi, waliloba phambi kwenkosi nezikhulu noSadoki umpristi no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara naphambi kwezinhloko zezindlu zawoyise babapristi namaLevi; zithathelwe u-Eleyazare, nenye eka-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 24:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

u-Elihorefi no-Ahiya, amadodana kaShisha, ababengababhali; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, owayengumabhalane;


UZadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abhimeleki, indodana ka-Abhiyathara, babengabaphristi, uShawusha engumbhali.


Yilabo-ke okwakungabozalo lukaLevi ngokwezindlu zokhokho babo, izinhloko zoyise, bebalwa ngamanani abo, ngamagama abo nangezinhloko zabo. Yibona ababenza umsebenzi wokukhonza endlini kaSimakade, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu.


Nalaba benza unkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni phambi kukaDavide, inkosi, uZadoki, u-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise, abaphristi nabaLevi; omkhulu kubo kanjalo nomfowabo omncane.


Unkatho lokuqala lwadla uJehoyaribi, olwesibili uJedaya,


AbaLevi babengamele bonke ababethwala imithwalo, benza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo. Abanye babaLevi babengababhali, beyizinduna nabalindimasango.


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


Esinye isazimthetho seza kuye, sathi: “Mfundisi, ngizakukulandela, nomaphi lapho uya khona.”


Akangenanga yini endlini kaNkulunkulu ngesikhathi sika-Abhiyathara, umphristi omkhulu, wadla izinkwa zobukhona bukaNkulunkulu ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngaphandle kwabaphristi kuphela, wayesenika nababenaye na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ