Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 23:4 - IsiZulu 2020

4 Abayizi-24 000 kulaba yibona abayongamela umsebenzi wendlu kaSimakade. Abayizi-6 000 babe yizikhulu nabehluleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kubo abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane baqhubeka nomsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizikhulu nabahluleli;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 23:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abafowabo abaLevi banikwa inkonzo yonke yethabanakeli lendlu kaNkulunkulu.


NaseJerusalema, uJehoshafathi wabeka abanye babaLevi nabaphristi, nezinye zezinhloko zoyise bakwa-Israyeli ukuze behlulele egameni likaSimakade, bathethe amacala. Babuyela eJerusalema.


UJehoyada wabeka abaphristi nabaLevi ukuba bagade indlu kaSimakade. UDavide wayebehlukanisele indlu kaSimakade ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa kuSimakade, njengalokhu kulotshiwe emthethweni kaMose; bakwenze ngentokozo nangokuhuba, njengalokhu uDavide ayehlelile.


AbaLevi babengamele bonke ababethwala imithwalo, benza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo. Abanye babaLevi babengababhali, beyizinduna nabalindimasango.


Umphathi wabaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBhani, kaHashabhiya, kaMathaniya, kaMikha wabozalo luka-Asafa, abaculi, ephethe umsebenzi wendlu kaNkulunkulu.


UJoweli, indodana kaZikhiri, wayengumphathi wabo, uJuda, indodana kaHasenuwa, wayephethe ingxenye entsha yomuzi.


“ ‘Kuyakuthi uma kunombango, basukume ukuba behlulele. Bayakwehlulela ngokwezehlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, futhi balingcwelise isabatha lami.


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ