Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:9 - IsiZulu 2020

9 Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni;* ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israyeli emihleni yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni, nginike u-Israyeli ukuthula nokuzola ezinsukwini zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:9
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hamba uye enkosini uDavide, uthi kuyo: ‘Wena nkosi yami, awuzange yini ufunge encekukazini yakho, uthi: “USolomoni, indodana yakho, uyokuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,” na? Pho kungani u-Adoniya eseyinkosi na?’


Wathi u-Adoniya: “Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami, nokuthi wonke u-Israyeli wayebheke ukuba kubuse mina. Nokho-ke izinto zaguquka, umbuso wase ubuyela kumfowethu, uSolomoni, ngokuba yena wayeqokwe nguSimakade.


“Manje-ke, Simakade Nkulunkulu wami, uyibekile inceku yakho ukuba ibe yinkosi esikhundleni sikababa uDavide, noma ngisengumntwana nje. Angikakwazi ukungena nokuphuma.


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


Wabusa ezweni lonke, ngaphesheya komfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza, phezu kwawo wonke amakhosi ngaphesheya komfula; wayenokuthula nxazonke zakhe.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Kepha manje uSimakade uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nhlangothi zonke; akekho omelana nami, akukho ngozi.


“Makabongwe uSimakade onike abantu bakhe, u-Israyeli, ukuphumula njengakho konke akushilo; akukho nelilodwa izwi elehlulekile kuwo wonke amazwi akhe amahle awakhuluma ngesandla sikaMose, inceku yakhe.


Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe.


“USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe.


ogcine nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo, yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukufezile ngesandla sakho namuhla.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Nkulunkulu, yipha inkosi ubulungiswa nenkosana ukulunga kwakho.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga.


Simakade, uzosenzela ukuthula, ngokuba yonke imisebenzi yethu siyenzelwe nguwe.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, niyoncela, niphathwe ngezingalo zalo, nitotoswe nisemathangeni.


“Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.


UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ